Uthando Iscam Poem by Cebolenkosi P. Mkhize

Uthando Iscam

Uthando iscam
Ungathandi kuze kweqe kulomhlaba.
Ukuthanda kuze kweqe kungakwenza,
Amehlo uwakweqe anhlamvana uwashiye.
Thanda bese uvula amaqaphelo uqaphele.
Uqaphele nalapho selukulengisela egodini.

Kwathondo izinhliziyo ziyaphuka.
Kwathando inhliziyo engajimile kayifuneki.
Ziningi eseziphenduke izishosha .
Ezinye seziphenduke izimungulu.
Ezinye sezaphenduka ondingasthebeni.

Kukhona esesinyathela phezukwazo.
Bafa bazitshela ukuthi bayathandwa.
Abanye bagwetshwe odilikajele,
amacala kungemaca avulwa yibo abathandwa.
Kunabantwana abasalwa dengwane
Bangena baba, ubaba bamheha ngothando.

Olwamanje ke uthando luyathengwa.
Uma ungena nkece uthando angeke ulunuke
Angithi nasemakhaya ongasebenzi uthando uyancishwa
Uma kukhona othe uyakuthanda ulibonile liconsa.
Uze uqaphela ngoba livuza nje lingapheli
Noba kwaphela naye uzomeswela.
Usal'ukhala ngekhwelo kulomhla uthando kalusekho
Oyokukuthanda ilona oykuthola ulize.
Akumise isibindi uze uqine uzimele
Nawe ke ungaphenduki impunzi mhla,
wafund'ukuzimela uze umenaye phakade
Kuyobe sekuyilona phakadeblakho 'Lelo'

Cebo Mkhize

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success