Usulothile Poem by Cebolenkosi P. Mkhize

Usulothile

Umlilo weMfudumalo ulothile
Sekugcono khona ukuyohlala ezintabeni,
Kunokuhlala ekhaya elingenamfudulo.
Ikhaya owahlalela ukusolwa kulo
Usolwe nanoma isdingo sokusolwa singekho.
Sesaphenduka iziwasho lapho,
besibheka bayabipha okomuntu,
Ophuza imbiza ebabayo.

Mina sengiyohlala ezintabeni
Bathi ekhaya, akungenwa ngamali
Bahhubhuza olukabhejane ntanga.
Labazali imali bayifuna ngoshova
Noma bangeke balibeka ngembaba.
Kepha iso liwela umfula ugcwele.

Izinkuni zomlilo wemfudumalo
Kulelikhaya sezalotha nganxanya,
Nganxanye ziyavutha, siyababona
Bevezelana bodwa elomhlathi
Mekuvela thina elomhlathi liyanyamala
Kuhlafunwe owensimbi ushingamu.

Sekusabisa ngisho ukusondela ezimbizeni
Ukuze uthulise izilwane ezikhala esiswini.
Uyothi uzithulisa, kepha umsindo,
Uyoqhuma egcekeni basho nokusho
bethi into oyaziyo nje ukudla ongakwazi
Ukuthi kuy'malini.
Manini ningasibona sihleka kulamakhaya
Sibuthwele ubunzima esingazi siyobethula nini.
Sithulwe ngubani oyovelaphi.

Okuhle esikwenzayo ke akusabalwa kunalokho
Sishawa ngamaphutha asebunganeni.
Abaziyo bathi izono zabazali ziyowela,
Ezinganeni, baqinisile impela mina ngikubonile
Kwezami zifela amacala ezingawaziyo
Bezikhipha inyumbazana ngibhekile

UCebo imbongi yakoKhabazela

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success