Umthwalo Poem by Cebolenkosi P. Mkhize

Umthwalo

Rating: 1.0

Ngathula umthwalo ngangabona mehluko
Ngathula bona bathwala kwanomehluko.
Kanti lomthwalo ebengiwuthwele unhloboni?
Wasinda kwala noma sengiwethulile.
kwangath isisindo sawo sengathi sengeziwe


Ngithule phambi kwakhe njengokusho kwakhe
Nginethemba lokuba uzakungithwalela,
kepha kwanhliziyo ngizwa isindo
somsindo wenhlupheko, ngoba ngithi,
ngingosindile nje bengisacela ninginabele
ngowangisindisa kimi isiyimpica badala.

Bengithi ngizokwethula qede ngibone umehluko
Ngibone umehluko kweyami impilo ngibe ngokhululekile
kepha kunalokho ngazizwa ngingosindwayo
Ngaba ngosindayo ongaphatheki kwala nabangizamayo
kwanabo sebaqala ukukhathala ukungithwala,
bezwa umsindo wesindo sami baba bethule.
Qede uthulise umsindo kweyami inhliziyo,

Kwangathi umthalo engangiwuthwele ngawethula,
Ngethula umthwalo ebukungafanele ngiwethule
Ebengiwuthule bewungasandi njengalona esegiwuthwele,
kepha ngokwami ngithi ngithulile kangithwele nje.
Ngathula qede ngazibona ngihambaze kwatsheka konke
Bathwala qede bagqoka ezikanokusho kwaqonda konke,

Ngasala ngibheje obhukwini kwesimanzonzo isiziba
Imihlanga yathandelana ekhanda lami nenqondo yazula
kwanhlanga zimuka nomoya kepha ngithi angithwele
Bengithi ukwethula lomthwalo bekuzokulisusa ikati eziko
kunalokho ngibona umlilo ulotha nalo lisondela impela shii!

Nkosi wasiletha emhlabeni qede wathi ifa lethu ligcine eZulwini
Thina sibe sisemhlabeni singabahluphekile emoyeni,
kanti elabanjani elisemhlabeni ngoba ngiyalibo likhona
Kanti baba JESU CRISTU abanjani abantwana owababhala
kwezamafa owawashiyayo mhla usishiyayo kulomhlaba
Baba emafeni owawashiya ngathi kunesandla esinoboya
elami igama ngiyalibona kepha kangabelwanga.

Kwangathi umthalo engawethula izikhiye zahambanawo
Ngisho izikhiya zokuvula amasango akwanjabulo
Bengisacela Nkosi ungivulele wona lowothwalo
Ungibhekele zona ungiphosele ngisesangweni
Lakwanjabulo kakungeneki isango likhiyiwe izikhiya
kangizitholi kwanemvula kayizibekile phansi ziyanginetha
Okubuhlungi inhlokomo yabangaphakathi ngiyayizwa.


kuwo lowothwalo owafika kuwe umanzi nte zinyembezi
kanye nomjuluko wezinkathazo Izikhiya zikhona lapho
Ngoba kangifuni ukuze ngiyothwala kepha ube uthe kangethule
Ngisacela ukuthula ngilalele wena Nkosi ungivulela amasango

Imbongi yakoKhabazela (khabzyVee)

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success