Ohhe! Ngokwamadoda
Kunowesilisa ongahlezi kahle neze.
Kunowesilisa ozinyembezi zakhe
sekhanda umfula ngaphakathi kuye.
Ngisho owesilisa ohlukumezwa ngowesifazane.
Umthetho umhleke uvune owesifazane.
Kunamadoda asashwabana izikhumba
Abilisw ngamafutha kumbe abalayo amanzi.
Ingalo yomthetho qede yamfushane ngakuye.
Bathi injobo ithungelwa ebandla, emabandla
isiphenduke inhlekisa kwamanye amadoda.
Okuhlula amadoda kuyabikwa ukuthi kubikwaphi,
Nami angazi.
Kunowesili ophila lubhojozi ephiliswa ngowesifazane
Owesilisa osewabangumxhikiba ngenxa yemivimbo.
Eshawa ngowesifazane, hhayi ngoba engenamandla.
Inkinga umthetho usebenze kwelilodi icala ,
Elamadoda ahlukunyezwa ngabesifazane aphenduki nhlekisa
kawathethwa.
Iqiniso kulomhlaba kalikho nalohulumeni
Bathi owentando yeningi ngibona inganekwane
Lona ungewentando yabafazi konke kuvunabona.
Kunamadoda abhecwa ngobende .
Kwancoso angayi mayile qede amasango
Kasigonyela avuleka ayigwinya ubufakazi bungekho.
Kunowesilisa owazithathela umthetho ngesandla.
Abaphathi bawo behlulekile ukuwusebenzisa
Bamthatha bamvalelela basala batetebuka
Nomshadikazi indoda isisezikhindini.
Nalomthetho sengathi unamaqhinga okukachakijane.
Abanye baphenduka isambane
Sona esiwumba singawulali
Kunemizi eyakhandwa izikhwepha
Zamanye amadoda , qede ayiswa kwagoqanyawo
Kwafakwa amanye amadoda
Cha! Ninamanyala kodwa umthetho umane univune
Bazibiza ngemboko wathinta bafazi wathint'mbokodo
Impela baqinisi abayigayi imbokodo babuya ekuseni
Amanye amadoda ashiyile imndeni yayo
Yasala ibulawa indlala alandela
Umsindo wembokodo ogudlana nezihlahla
nezimpande.
Zaphenduka ondinga Sthebeni izingane
Owesifazane ozibiza ngembokodo ,
Owagay'imbokodo maqede indoda yaduba ikhaya
Yalahla izingane ezaphuma kwelayo
Yayokondla izingane zesende lenye indoda.
Ezayo zasala dengwane zizamula.
Nayo ingazenzi yenziwa owesifazane
Owagaya imbokodo eyithake nezimpande.
Yahlukumezeka indod'mnyama
Yasatshiswa ngejele umu izithathela izinqumo
Kanti lomthetho uvuna abandoning
Kanti ubude bayo Bude ngaluliphi icala
Elethu icalackalikhulunywa nokukhulunya
Kunalokho kuduka amadokodo
Qede bangikhiphe kowami umuzi
Bengikhombe edokodweni bangitshele ngo50/50
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem