Bathi impilo umuntu uyazikhethela.
Bahhubhuza olukabhejane
lempilo yenhlupheko mina,
kangizikhethelangala.
Nokuvuka kulomjondolo namhlanje
nakho, kangizihlelelanga kungificile njee
Nami ngingazelele.
Hhayi ngoba ikusasa bengalicabangelanga.
Ngalicabangela kepha kwayilo elingikhipha
Inyumbazana okomakoti oyinyumba.
Osinye sakhe sikhala amanzi naye
abe ngazenzi.
Umbombo kathisha nami ngawgqolozela.
Kwanakho akungisizanga ngalutho.
Mina bengiphuma phambili ngamalengiso
Kodwa namhlanje nalawomalengiso
Akangisizanga kunalokho sengifisa
Nokuyithatha ngokuzelisa lempilo
Isingehlule, kwajazi laleyomfundo selaphenduka
Ingubo yokulala kimi kwanalo imfudumalo kalinayo.
Ukulala ngingasulanga mlomo,
Ngingambethe kangikukhethanga
Ekumele nikwazi, akubona bonke
Abangawubonanga umbombo kathisha
abampofu, futhi akubona bonke abawuna
abadla elikampondo.
Ngake ngalala ngaphupha ngazibona
Ngivuka kwenkulu nami indlu.
Kwangaba njengephupho lami
Noma ngilele kuwo lomjondolo,
Ongenamnyango kangikayeku ukuphupha.
Noma amathemba angaya ngokushabalala
Kepha amehlo mengiwavala ngiyazibona
Kwekanokusho.
Uma ke wena impilo ikuzamile yakuqoma
Ungahlekisi ngesishimane esaliwe impilo.
Ungahlekisi ngami mungibona ngiginqa imgqomo,
Nami ngiizama okuzobamba umoya kuze ngiqhubeke
Ngishele impilo. Mhlampe nami iyoze ingiqome
Ningaqali ke! ningibuze lombuzo othi.
Kanginamakhaya yini?
Ngizoniphendula ikhaya likhona.
Futhi bonke bayaphila inkinga imfudumalo
Kayibonwa ngithukwa ngize ngithukwe
Nangalo lelijazi engaligqoka
Ngoba lingakakhiqizi msoco
Kugcono khona ukuyofela ezintabeni
Kunokufa uhamba endaweni
Oyibiza ngekhaya..
Ibhalwe Cebolenkosi Imbongi yakoKhabazela
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem