Izinyembezi
Izinyembezi ozikhalile seziphenduke,
umfula ongaweleki kimi.
noma ngizama kuziphosaka kuwo,
kuba nhlanga zimuka nomoya.
Iso lami noma lingafinyelela
ngaphesheya liyibone impumelelo
Angikwazi ukufinyelela kuyo,
Kuze ngiyithabathe ngiyifumbathe.
kunalokho ziphenduka amagagasi,
Njengo'lwandle zingithathe zingibuyisele
emuva kwanhlupheko.
Ngicela ukukusula izinyembezi
Izinyembezi zakho sezifiphalise ikusasa lami
maqede zangibuyisela kuyizololo lami
lapho ngibona ngingesanamuva naphambili
konke sekuyafana, kunalokho ngibona,
impophoma yamanzi aggcwele usawoti angaphuzeki
Ageleza njalo ekubeni ngilindele amtoti.
Izinyembezi zakho sengizobona
zingisondezela ngaselibeni, amathemba
empilo ashabalala ngizibone sengendele kwelamathongo
Ekubeni ngisadla anhlamvana.
kwawona awehli nakahle ngoba ehla nezinyembezi.
Cebolenkosi P. MKHIZE
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem