Ithuna likanembeza liyakhuluma
Lomhlabelelo uvusa usizi qede
ungivusele isbibithwane lomhlabelelo
Uletha ukudabuka enhlizweni yami qede,
Kuvuleke islonda ebesengithi siyaphola.
Inhliziyo yami ivele ingcwale umunyu nenzondo.
Yokuzonda ukuphila kwazise sengiyazi nami ngizodlula.
Ngoba sengathi impilo yethu seyaba kwezakhe izandla.
Umenzi wokukubi siphila naye
Nanhlamvana siwabanga naye.
Azenzemuhle emehlweni ethu,
Ngiyazi ukuthi ingebhe imshaya imphindelela.
Angithi umphefumolo wakhishwa ngezakhe izandla.
Nalomhlabelelo uvele unglethela umunyu.
Kwazise phela ngangibona egwaba samuntu olusizi
Keph'igazi lakhe limemeza ezandleni zakhe.
Lomhlabelelo ungikhumbuza ngosuku sesiyombeka
endlini yakhe yokugcina lapho sathi sehla
isidumbu sakhe wabe ewusho ngengila omunye
Wabahlabeleli qede kwaduma islilo ihliziyo,
Yagcwala inzondo lapho sengimbona bayomfaka
emathunjini omhlaba. Ngingeke ngisaphinde
Ngambona. Qede ngasikhihla esikanandi.
Kodwa ngiyazi ithuna likanembeza liyakhuluma.
Ungazihlekisa sakulila mhla unembeza
Wakulahla uzolile islilo somlilo wequbula.
Lomhlabelelo wangenza ngakhumbula izikhathi
Engizichithe naye emhlabeni sinethemba lokuthi
Sizohlala ndawonye sincokolisane njengozalo
Kepha kwafika ukufa kwalithatha igazi lami
Qede kwali qumba othulini yasho indoda yimbe,
Nokhololo yathi uthuli othulini ngabhema, Ngakholwa ukuthi usehambe ukuhamba akasophinde
Ebuye.
Ngayizwa inhlabathi ikhala phansi emgodini
Yathi Dinsii! Nalomhlabeleli elokhu ewushilo lomhlabelelo.
Ngazibona ngisele ngedwa kwamhlaba, lapho umenzi wokubi ethefukufuku ngetshalo okhukhweni lwasekhaya.
Samuntu odabukileyo inhliziyo ibe igxumagxuma
Ithuna likanembeza ngelinye ilanga abavundululi bazolivundulula
Ngasala ngincela isthupha ngasala ngedwa dengwane.
Ngabona ngathi nakimi impilo isimfushane kakhulu.
Kwaku nguyena obenginikeza amathemba empilo
Ngisho sebangijikele bonke kepha yena wayehlezi enami
Esho ethi wena uligazi lami.
lomhlabelili uvele ubuyise
lonke usuku lomgcwabo wakhe phela usizi lwalugcwe egcekeni lonke.
Bathi indoda kayikhali
Kepha namanje ngisasele nesilokozane sesibithwane
Sesililo engasilila mhlazane ngigqibela ukumbona
ngibona bamgqiba kungumgqibelo emini bebade
Qede inhliziyo yagaya izibozi zodwa.
Ibhalwe ngu: Cebolenkosi P. Mkhize
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem