Kuke kwasuka impumputhe kwasinda kwehlela kodwa dondolwane,
Yathi kumina sengiyabona ke kungani abazali bami basheshe bayixolela inkosi ngokungenza ngingaboni,
Ngangizobona izinto ezingabonwayo.
Ewe mina angikwazi ukubhala nokufunda ngalendlela yenu,
Kepha inkinga nabakwaziyo basuke bafundela ukuba ngcono kunabanye,
Bakhohlwa ukufundela ukuba ngcono kunayizolo.
Kuzwakala umsindo wesihlalo esinamasondo
Isishosha sizama ukuza ngaphambili
Kepha siyehluleka
Ayama.Biyela.imbongikazi
SENTENCE THE POET
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem