Mah..
Nami bengifusa ukuxolisa njengezinye izingane,
Kodwa angazi ngizoxolisa kanjani usulele ngomhlane mhlambe nomhlaba usuyakucindezela nje,
Ngizoxolisa kanjani kumuntu engingamazi?
Inkinga wangishiya ngisemncane,
Awubange usabuya nangephupho.
Ngizoxolisa kanjani kumuntu engingamazi nokuthi uthandani mina ngimcika masengenzani.
Mah ngiyaxolisa ntombendala,
Isimningi nenmnyaka wahamba ngeke kube angonanga
Mah...
Unabazukulu angazi noma uyakuthanda yini lokho.
Abakwazi kangcono bathi ufana nawe lona omdala.
Mah ungadinwa ungathi angikuvakasheli endlini yakho yokugcina,
Mangibuza ukuthi wabekwaphi. Bathi ithuna lakho abasalikhumbuli licinene emathuneni.
Kodwa okungixakayo uma ngiya enyangeni kuvela bona esbukweni becathama emangcwabeni.
Mah Bakwenzani?
Mah cela ufike ungichazele noma isephuphweni.
Okunye okungixakayo bathi umoya wakhi uyazulazula,
Kodwa awufiki lana ekhaya egcekeni
Mah noma ngingazi ukuthi ngixolise lani kodwa ngyaxolisa mah.
Ngicela uhlale wazi ukuthi ngiyakuthanda
NGIYAXOLISA MAH...
Google says, this poem is in Zulu language. From what Google tells me, this should be an emotional outburst addressed to one's mother. But, all said and done, Google can not bring out the poetic qualities and the aesthetics in full. I loved what I read. Congratulations, dear poet. Ts
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
If Google is right, you wrote " you're lying on your back, maybe the world is just oppressing you, How can I apologize to a stranger? " your feelings permeate into the readers' heart and it bleeds..
Thanks for the conplement