AKULAHLWA MBELEKO
Ithunzi lokufa ke mina lake langilandela.
Owami umphefumulo kwasala kancane
Ngiwukhiphe ngezami izandla.
Ubuhlungu engangibhekene nabo
Kwakuku vele kungibonise mina.
Ngiphumule kamnandi emathunjini omhlaba.
Kungekho msindo, ngilele ngokuthula.
Mina isqumo ngase ngisithathile.
Sokubu ngiyithathe ebheke kwagoqanyawo.
Ngase ngiyicele'side isikhathi ebheke
Kwaluhlaza amadlelo , kuze abuyise
abuyise umpefumolo wami.
Kunalokho ngangizithola ngifana noDanyeli
Ngiphakathi emphandwini wezingonyama.
Eyokuthi uJehova angeke akunika ongaphezu,
Kwamandl'akho, besengibona kuwulolozelo,
Wokududuza abanhliziyo ziyabhibha.
Ngoba lomthwalo uyangisinda, kunokuba
Angethule ngangibona isikalo sawo silokhu
Senyuke njalo njalo.
Ngakubona kungifane ukufa zengiphumule
Kulobuhlungu benhliziyo bokuhlezi umile
Emelahleni kunganyakazeki, ngaifisa
ukuba amane angishise ngiphenduke umlotha.
Kuphele ngami kunalokho ngangisha ngihamba
Kungekho nobonayo ukuthi ngiyasha.
Mhlampe wayezongibhula qede awucishe
Pho! Ke! nababhulayo sebahlezi besuthe imbumba
Emhlolweni kabasashayi kunalokho bakugxisha
Igobongo uphume uligobongo ungenalutho.
Qede uyojika nelanga uhlalele ukuphaphatha.
Elami icala besengibona kuncono
Lisheshe liyothethwa. Ngimane
Ngijikijelwe es'thandweni somlilo
Mekungifanele kunokuhamb'emalahleni
Emhlabeni, unethemba lokuthi uzophuma
Phela kukhona engibathembisile ngizobanakekela
Sengifana nongathembekile kubo
Ngoba kwamina sekungehlule ukuzinakekela
Ngingubaba ongababi ngoba ngingafezi
Ngoba bathi akulahlwa mbeleko ngkufelwa
Bengisacela nami ukuyibeka mhlampe kukhona
Engizokukubeletha kuphile ngenye imini
Cebolenkosi P. Mkhize
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem